Harare - Umfana waseZvishavane, eZimbabwe, oneminyaka engu-14 ubudala, nowayegqekeza imizi yabantu ngoba efuna ukuyobukela opopayi kumabonakude, ugwetshiwe yinkantolo.
IMantshi uPeter Madiba ithole lo mfundi kaGrade 7 enecala ngezigameko ezingu-11 zokugqekeza nokweba, kubika i-myzimbabwe.co.zw.
Ugwetshwe ukuba abhaxatshulwe imivimbo eyisithupha.
Ngokusho koMbuso, phakathi kukaJanuwari noJulayi, lo mfana, ohlala eMaglas, wagwekeza imizi waphinde weba imali engaphezu kuka-$2 000.
UMbuso uthe le ngane, enamanye amacala okweba, ibingena ngophahla noma ngamafasitela emzini yabantu.
Kuthiwa le ngane ibibuka opopayi njalo uma igqekezile, futhi ibicuthela imizi ene-DStv kakhulu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter