U-Archwell Maramba, 58, uthi le nyama imsiza kakhulu njengoba ephathwa ngumgogodla.
Izinhlwathi ziwuhlobo lwezinyoka oluvikeliwe eZimbabwe njengoba kuyicala elibomvu ukuzibulala.
"Kusukela ngadla inyama yenhlwathi okokuqala umgogodla wami ungcono kakhulu,” esho.
OLUNYE UDABA: Itholakele inhlwathi eyodwa eSandton
UMaramba uthi udla inyama yenhlwathi kuphela manje kusukela ayifundiswa ngabavukuzi kudala.
Zimkhalele ngoLwesihlanu olwedlule, wase eegwetshwa namhlanje (ngoLwesihlanu).
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter