Harare - Imantshi yaseBinga, eZimbabwe, ikhale ngokunyuka kwesibalo samacala ahlobene nocansi yathi kumele kwenziwe okuthile ukuvikela abantwana bamantombazane.
Ethula isinqumo sakhe ngoLwesihlanu ecaleni likaSaviour Mwinde, 31, lokulala nengane eneminyaka engu-15 ubudala, iMantshi uStephen Ndlovu uthe siya ngokuphela nya isimilo emphakathini.
UMwinde, osebenza emayini eseKwekwe, ube nenhlanhla ngokugwetshwa iminyaka engu-12 ebhadla ejele.
Ulivumile icala wathembisa nangokuyondla ingane yakhe engakazalwa.
"Ukunyuka kwezigameko ezihlobene nocansi kulesi sifunda kuyashaqisa futhi kutshengisa ukuthi abantu abasenaso isimilo.
"Kumele kwenziwe okuthile ukuqinisekisa ukuthi izingane zamantombazane ziyavikeleka ngokuthi izinkantolo ziqinise isandla uma zigweba abalahlwa ngamacala,” kusho uNdlovu.
Kuthiwa uMwinde washela le ngane ngoJanuwari, yamqoma, kwase kuvela isisu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho