Share

Uhulumeni usamile esibalweni sika-67 sabashonile

Lagos – Sekuqubuke indida ngesibalo sabantu bakuleli abashone esigamekweni sokuwa kwebhilidi lesonto eLagos eNigeria.

Lokhu kuvela ngemuva kokuthi izikhulu zaseNigeria zibuze uMengameli Jacob Zuma ukuthi ufinyelele kanjani esibalweni sabantu abangu-67 abashone ngesikhathi kuwa leli bhilidi lesonto ngoLwesihlanu ngabaseNingizimu Afrika.

Ngokombiko okhishwe yizikhulu zaseNigeria ngoLwesithathu kuvele ukuthi zingu-70 sezizonke izidumbu esezitholakale ngaphansi kwaleli bhilidi futhi azikahlonzwa.

NgoLwesibili kusihlwa uMengameli Zuma uveze ukuthi bangu-67 abantu bakuleli abafe ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele ngoLwesihlanu ebandleni elibizwa ngokuthi iSynagogue Church of All Nations kanti uyichaze njengembi kunazo zonke esezike zehlela abantu bakuleli emlandweni.

OLUNYE UDABA: Sesinyukele ku-57 esabashone kudilika isonto

Okhulumela iNational Emergency Management Agency eNigeria u-Ibrahim Farinloye uthe kusaseduze kakhulu ukuthi kungaphuma isibalo esiqondile sabantu abashonile noma amazwe abadabuka kuwon.  

“UMengemeli Zuma akekho eNigeria, thina sisebenza ngesikubona la phambi kwethu,” kusho uFarinloye enanela ngokuthi bangu-131 abantu abahlengwe besaphila kule nhlekelele.

“Namanje izikhulu zebandla azikasiniki isibalo sabantu abebekhona kuleli bhilidi yingakho okwamanje sisasebenza ngokuqagela size sipequlule zonke izinsalela,” esho. Leli bandla liholwa nguMphrofethi wodumo UTB Joshua owaziwa ngezinto ezahlukene ezimangaza abantu.

Kwingqungquthela yabezindaba uNgqongqoshe wezangaphandle kuleli uNkk Maite Nkoan Mashabane uthe abajiki kulesi sibalo njengoba ngokolwazi abanalo bangu-67 abakuleli abashone kule nhlekele.

Uphinde waveza ukuthi bazosebenzisana nemindeni ethintekile kuze funyelweni esiphethweni.  

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 934 votes
No! It's time to move on ...
33% - 452 votes
Vote
Rand - Dollar
18.81
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.11
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.28
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.4%
Platinum
922.60
-0.3%
Palladium
959.50
-3.1%
Gold
2,336.57
+0.2%
Silver
27.26
-0.6%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE