Kigali - Uhulumeni waseRwanda uthukuthele uyaveva ngefilimu ekhonjiswe ngabezindaba ze-BBC, la bekuvezwa khona isehlakalo sesibhicongo sango-1994, la khona kwafa abantu empini yombango.
Abantu abasinda kulesi sibhicongo sebecele iPhalamende ukuthi livele lo mthombo ezweni.
Ifilimu iveze ukuthi uMengameli uPaul Kagame, waba nesandla ekudutshulweni kwebhanoyi elalithwele uMengameli uJuvenal Habyarimana, nokuyisona sehlakalo esaholela ekutheni kuqale impi yombango eyadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-800 000, bohlanga lwamaTutsi.
UNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle uLouise Mushikiwabo, uthe ukukhonjiswa kwefilimu kungukuhlaselwa kwabantu bezwe.
Funda nalolu daba: Abangu-71 baboshelwe impi yombango
Abe-BBC baphawule bathi udaba lokufa kwabantu kulesi sibhicongo wudaba olubucayi, nokho kuwumsebenzi wabo ukuthi baphenye ngezehlakalo ezifuze lesi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.