Abuja - Amasosha aseNigeria kanye nehhovisi likaMengameli ngoLwesihlanu badalule ukuthi sebefinyelele esivumelwaneni neqembu leBoko Haram ngenhloso yokuba kubekwe phansi zikhali kudedelwe amantombazane angaphezulu kwangu-200 athunjwa.
"Isivumelwane sokubekwaphansi kwezikhali sesiphothuliwe phakathi kukahulumeni waseNigeria kanye neBoko Haram,” kusho isikhulu sezokuvikela, uMarshal Alex Badeh.
Funda nalolu daba: Kuboshwe owaseMorocco obezama ukujoyina elamaphekula.
Khonamanjalo, unobhala kaMengameli uGoodluck Jonathan, uHassan Tukur utshele abe-AFP ukuthi sekufinyelelwe esivumelwaneni sokuqeda udlame ngemuva kwezingxoxo, kanti futhi kuphinde kwavunyelwana ngokudedelwa kwamantombazane esikole angu-219 athunjwa ngo-Ephreli.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.