Bulawayo - Kuqhume uhleko enkantolo ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-18 ubudala eveza ukuthi wayehlaselwe amadimoni ngesikhathi ebanjwa oqotsheni eqhoqhobele imbuzi yakwamakhelwane.
UMqhelisi Gumbo waseNgwala eBulilima kubikwa ukuthi wavuka phakathi kwamabili waqonda esibayeni sakwaNdlovu wafike wazitika ngocansi nembuzi phakathi esibayeni.
UJustin Ndlovu wezwa imbuzi yakhe ikhala ebusuku wabe eseyavuka wanikela khona ukuyobheka ukuthi kwenzakalani kuyona. Wavulelwa icala wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Ngesikhathi kuqula icala lakhe uGumbo utshele inkantolo ukuthi wayehlaselwe yidimoni ngesikhathi egila lo mhlola.
OLUNYE UDABA: Uzibulele umfana ngemuva kokuxabana nomama wakhe
"Nkosi yenkantolo nami angazi ngafinyelela kanjani esibayeni sakwaNdlovu phakathi kwamabili.
Angikhumbuli ngiphuma egumbini lami lokulala ngiya kwaNdlovu.
Ngikhumbula sengibanjwa umakhelwane wami nokuyilapho umqondo wami wabuya khona ngabona ukuthi ngibanjwe ngenza ucansi nembuzi.
Ngangingeke ngiyenze le nto ukuba umqondo wami wawusebenza kahle ngoba nginentombi.
Ngicela uxolo," kuzincengela uGumbo ngokubika kweBulawayo 24.
UGumbo ugwetshwe izinyanga ezingu-9 ebhadla ejele walengiselwa izinyanga ezintathu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter