Share

Ukhala ngokuhlaselwa yidimoni owabanjwa eqhoqhobele imbuzi

Bulawayo - Kuqhume uhleko enkantolo ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-18 ubudala eveza ukuthi wayehlaselwe amadimoni ngesikhathi ebanjwa oqotsheni eqhoqhobele imbuzi yakwamakhelwane.

UMqhelisi Gumbo waseNgwala eBulilima kubikwa ukuthi wavuka phakathi kwamabili  waqonda esibayeni sakwaNdlovu wafike wazitika ngocansi nembuzi phakathi esibayeni.

UJustin Ndlovu wezwa imbuzi yakhe ikhala ebusuku wabe eseyavuka wanikela khona ukuyobheka ukuthi kwenzakalani kuyona. Wavulelwa icala wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

Ngesikhathi kuqula icala lakhe uGumbo utshele inkantolo ukuthi wayehlaselwe yidimoni ngesikhathi egila lo mhlola.

OLUNYE UDABA: Uzibulele umfana ngemuva kokuxabana nomama wakhe

"Nkosi yenkantolo nami angazi ngafinyelela kanjani esibayeni sakwaNdlovu phakathi kwamabili.

Angikhumbuli ngiphuma egumbini lami lokulala ngiya kwaNdlovu.

Ngikhumbula sengibanjwa umakhelwane wami nokuyilapho umqondo wami wabuya khona ngabona ukuthi ngibanjwe ngenza ucansi nembuzi.

Ngangingeke ngiyenze le nto ukuba umqondo wami wawusebenza kahle ngoba nginentombi.

Ngicela uxolo," kuzincengela uGumbo ngokubika kweBulawayo 24.

UGumbo ugwetshwe izinyanga ezingu-9 ebhadla ejele walengiselwa izinyanga ezintathu. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



 
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 524 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 738 votes
Vote
Rand - Dollar
18.89
+0.2%
Rand - Pound
23.83
+0.3%
Rand - Euro
20.36
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE