Bulawayo – Uhlukene phakathi umndeni wakwaBulawayo endaweni
ebizwa ngokuthi kwaMzilikazi kulandela izinsolo zokuthi owesilisa oshadile
uzitika ngocansi nonina.
Ngokubika
kwe-MyZimbabwe lezi zindaba zivele eNkantolo yamaLungelo yakwaBulwayo lapho kuzwakale
ukuthi uLetwini Gwatidzo eyise umakoti wendodana yakhe enkantolo ukuze athole
isivumbezelo.
Kubikwa ukuthi uTheresa Makoni ubehlukumeza umamezala wakhe
uGwatidzo emthuka futhi emsola ngokuthi uzitika ngocansi nenganenendodana.
Kubikwa ukuthi uMakoni nomyeni wakhe bahlala
ndawonye nomamezala uGwatidzo.
“UTheresa
Makoni umakoti wendodana yami kodwa uyanguhlukumeza angibize ngayoyonke
inhlamba ongayicabanga.
OLUNYE UDABA: Umndeni ubulale umakoti umsola ngokuthakatha
Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi ungisola ngokuthi ngilala
nomyeni wakhe oyindodana yami engiyizalayo kanti ngelinye ilanga wangisabisa
ngokungititinya ngemvubu,” uGwatidzo echazela inkantolo.
Nakuba uMakoni ekuphikile ebekushiwe
ngumamezala wakhe kodwa uyakuqinisekisa okokuntshona komyeni wakhe nonina.
“Ngelinye ilanga ngabona imiyalezo yothando umyeni wami ayethumelana nayo kumama
wakhe,” kuchaza uMakoni enanela ngokuthi kungamampunge okushiwo ngumamezala
wakhe ngaye.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho