Share

Umama uthumele usana lwakhe kuyise ngeposi

Nyeri – Onogada benkampani iG4S eKenya bathole iphasela elingajwayelekile nabangakaze basebenze ngalo phambilini.

Onogada be-G4S edolobheni laseNyeri, eKenya, ngoLwesine ebusuku bathole usana lufakwe ekhathonini njengephasela.

Usana olunenyanga eyodwa luzelwe lutholwe onogada ngesikhathi bekhipha amaphasela abesemotweni yomsebenzi.

Usana belusekhathonini ebelingavaliwe phezulu kanti esandleni sosana bekubhalwe igama likababa wengane kanye nemininingwane yokuxhumana naye.

Amalungu omphakathi agcwale emahhovisi enkampani ezobopna lesi simanga sephasela, okuyingane ebithunyelwe kuyise, iningi labo basigxekile lesi senzo okukholakala ukuthi senziwe umama wengane.

Abasebenzi babikele amaphoyisa mayelana nalesi sigameko.

Amaphoyisa  ayalele ubaba wengane ukuba afike esiteshini samaphoyisa ngenhloso yokuba aphekwe ngemibuzo.

Le ndoda ayizange iphike noma ivume ukuthi ingane ingeyayo yini kodwa amaphoyisa athi imizamo yokuthola umama wengane isiqalile.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
What do you think of the DA's controversial TV ad depicting a burning South African flag?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Effective - they hit the nail on the head
100% - 1 votes
Tone-deaf - they crossed the lined
0% - 0 votes
Vote
Rand - Dollar
18.43
+0.2%
Rand - Pound
23.08
+0.2%
Rand - Euro
19.85
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.17
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
997.50
+1.3%
Palladium
980.75
+1.0%
Gold
2,364.92
+0.9%
Silver
28.20
-0.4%
Brent Crude
83.88
+0.4%
Top 40
72,181
+1.2%
All Share
78,464
+1.2%
Resource 10
63,450
+2.5%
Industrial 25
108,579
+0.4%
Financial 15
16,955
+1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE