Lagos – Kwenzeke isibhicongo ngesikhathi umfana, 14, edubula ngephutha umfowabo oneminyaka emithathu ubudala ngesibhamu sikababa wakhe, kusho umbiko weVanguard.
Ngokusho kwemithombo, u-Ebubechukwu, 14, nomfowabo u-Akachukwu, 3, base-Enugwu-Achi, eNigeria, bebelingisa ifilimu kanti ababoni ukuthi lesi sibhamu sinezinhlamvu.
OLUNYE UDABA: Umfana, 11, usolwa ngelokubulala ingane
Ubaba wala bafana ubesemhlanganweni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, wathi uma ebuya wazithela phezulu kwesidumbu sendodana yakhe.
Ngokusho kwamaphoyisa, uphenyo luyaqhubeka ngalesi sehlakalo.