Abuja – UMengameli ophethe njengamanje eNigeria uGoodluck Jonathan uhalalisele umholi weqembu elibusayo odle umhlanganiso okhethweni lukazwelonke, uMuhammadu Buhari.
Le miphumela yokhetho ingeyokuqala ngqa ukuthi ikhiphe umengameli osesikhundleni kusukela leliya lizwe labuyela entandweni yeningi ngo-1999.
UJonathan ushayele uBuhari ucingo "wamhalalisela ngokunqoba kwakhe wathembisa nangokubambisana naye ekuqinisekiseni ukuthi amandla abuyiselwa kuye ngendlela enokuthula,” kusho uPaul Ibe wenhlangano kaBuhari.
OLUNYE UDABA: UZuma ubongele iNigeria ngokhetho
Esitatimendeni esikhishiwe, uBuhari ubonge abantu baseNigeria ngokutshengisa ukumethemba, wase ebaxwayisa ngokuthi bangabhiyozi ngendlela engase iqubule udlame.
UBuhari, 72, uzothatha izintambo kuJonathan osephathe izwe kusukela ngo-2010.