UClad efake ezimhlophe izicathulo nesiketi esincane akumthathanga sikhathi ukuba akhumule kubuka wonke umuntu obekhona.
"Niyangibona, vele anikaze nimbone umuntu wesifazane omuhle enqunu," kusho uClad etshela amaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe umqwayizi ozame ukuhluntula induku yekhasimende
Ube esehalaliselwa ozwakwabo ngesikhathi amaphoyisa ebindwe akubonayo.
Omunye wamaphoyisa ube esemxwayisa ukuthi uzoboshelwa ukukhumula esidlangalaleni.
"Nizoshaqeka ngoba ngizovele ngithi kubaphathi benu benifuna ucansi ukuze ningikhulule," kuphendula uClad.
"Senilujwayele ucansi lwamahala. Ngibopheni khona nizobona."
Wabe esengena etekisini eshiya amaphoyisa emile, exosha abantu endaweni, kubika iMyZimbabwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho