UNgqongqoshe wezabaSebenzi nezaseKhaya u-Edwin Batshu uthi lo mthethosivivinywa uzohlongoza ukuthi ibandla ngalinye libe nabazalwane abangu-250 ukungenani kuze libhaliswe ngaphansi kukahulumeni, hhayi lo 10 okhona njengamanje.
OLUNYE UDABA: Likhala liyazithulisa ibandla elebelwe umnikelo
Kuthiwa abefundisi nalabo abazobe beshadisa bazohlolwa imuva labo kuqala, nokungokokuqala ngqa kuleliya lizwe elinamabandla angaphezu kuka-15 000.
Lo mthetho uzophakamisa nokuthi kube khona umkhandlu okuzoba yiwo ozohlola abefundisi ngaphambi kokuthi bavunyelwe ukuba namabandla.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho