Lagos - Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala osebenza emafemini aseLagos, eNigeria udlephansi ngesikhathi ezwa ukuthi umkakhe uzothola amanye amawele futhi.
Ngokusho kwe-www.naij.com, u-Emeka Benjamin Uche’s unyamalale ngemuva kokuba ezwe ukuthi umkakhe ozithwele ukhulelwe amawele esithathu.
URuth, 34, uthi wathola amawele okuqala amantombazane uGoodness noGoodnews ngonyaka wango-2009 waphinde wathola amanye ngemuva kweminyaka emibili, uJohn noJoyce.
OLUNYE UDABA: Isalukazi, 65, sikhulelwe amawele amane
Kepha ngesikhathi umyeni wakhe ezwa ukuthi uzobeletha amawele esithathu wavele walishiya ikhaya labo kanti akaziwa ukuthi kumanje ukuphi.
URuth ubelethe ngoJuni, uDaniel noDaniella, kanti uthi kunzima kakhulu kuye njengoba umholo wakhe ungasakwazi ukubhekana nesimo sasendlini.
"Selokhu ngibelethile ngiyazama ukuxhumana nomyeni wami kodwa angalubambi ucingo. Ngashayela nomama wakhe ucingo nezihlobo ngibazisa ngokunyamalala kwakhe. Bangithembisa ukuthi bazobuyela kumina kodwa lutho namanje."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho