London – Umgomo we-Ebola wenkampani yaseBhrithani, iGlaxoSmithKline, kungenzeka uze ulungele ukusetshenziswa ngokuphelele ngo-2016 kanti futhi akumele ubonakale njengempendulo kulolu bhubhane, kusho umcwaningi wenkampani.
"Kumele sikwazi ukukhiqiza umgomo ngendlela ezokwazi ukuba usetshenziswe, kanti lokho kuzokwenzeka kahle ngo-2016,” kusho uDoctor Ripley Ballou, ngaphambi kocwaningo lweGSK nge-Ebola, etshela umsakazo weBBC ngoLwesihlanu.
"Angicabangi
ukuthi lo mgomo kumele ubonakale njengempendulo ekubhekaneni negciwane kodwa
sinethemba lokuthi ungasiza ekugwemeni ukuba abantu batheleleke esikhathini
esizayo.
Funda nalolu daba: Kubulawe isalukazi nendodakazi ngokuthakatha.
"Ngeshwa lokho ngeke kube lulala noma kusheshe njengokufisa
kwethu,” usho kanje, waqhuba ngokuthi empeleni kwakumele lolu daba silusukumele
kusanesikhathi.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.