Harare – Inkulumo kaMengameli Jacob Zuma mayelana nesibalo sabantu baseZimbabwe abagcwele emajele aseNingizimu Afrika beyingalungile ngokusho kukaNgqongqoshe wezaseKhaya eZimbabwe.
UNgqongqoshe uKembo Mohadi uthe uZuma bekungafanele akhethe iphela emasini abale iziboshwa zaseZimbabwe kuphela ekubeni zikhona nezinye iziboshwa eziqhamuka kwamanye amazwe, ngokubika kwephephandaba lakwaBulawayo iThe Chronicle.
OLUNYE UDABA: Limfiliba ikusasa kwabaxoshwe wudlame eMzansi
Lokhu kuqhamuka ngemuva kwezigameko zodlame olubhekiswe kwabokufika ezisabelele emadolobheni iTheku neGoli.
NgoLwesithathu uZuma wathi bangaphezulu kuka-400 abantu baseZimbabwe abagcwele emajele aseNingizimu Afrika nokunyinkulumo ecasule abaningi baseZimbabwe ezinkundleni zokuxhumana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho