Goma - Abantu abangu-22, abaningi kubo okuyizingane nabantu besifazane, bagencwe babulawa ngesikhathi kuhlaselwa eDemocratic Republic of Congo, kusho umbiko kahulumeni.
Ukuhlasela kwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku edolobheni i-Eringeti, enhla nesifundazwe iNorth Kivu, kusho umbiko ohanjiswe kwabezindaba ze-AFP.
Kushone abasefazane abangu-10, izingane ezingu-8 kanye namadoda amane.
Funda nalolu daba: Kushone inqwaba ezimpini zobuhlanga e-DRC
"Abantu abaningi babulawe ngezizenze nangemikhonto," kusho inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni iCivil Society of North Kivu.
Inhlangano ithi izingane bezisakazwa ngamakhanda ezindongeni, kukholakala ukuthi ukuhlasela kwenziwe yiqembu lamavukelambuso lase-Uganda.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).