Harare - Lowo owaxoshwa njengeSekela likaMengameli eZimbabwe, uJoice Mujuru, usole uMengameli Robert Mugabe ngokuphawula ngaye ngendlela enocansi phakathi.
"Ngiyabonga ngokuthola ithuba lokuthi ngithole ukuphawula ngezinsolo ezihambisana nocansi engibekwe zona ngumholi weqembu lami iZanu-PF emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngempelasonto,” ezikhulumela.
"Kuyangimangaza ukuthi kungani umengameli esaqhubeka nokungihlasela, engikwaziyo mina ukuthi ngimsulwa.”