Kampala - Umzanyana owathwetshulwa ebhambabula kabi ingane, usekhulume nabezindaba okokuqala ngemuva kwesehlakalo nokubekwa kwakhe amacala.
UJolly Tumuhiirwe ukhulume wathi wathuka kakhulu ngesikhathi eshaywa ubaba wengane u-Eric Kamanzi, uthi wagcina evula icala, kusho abezindaba ze-Ugandan Online.net.
Echaza uthe ubengazi ukuthi kunamakhamera endlini.
"U-Arnella ube nenhlanhla ngoba akophanga, mina ngashaywa ngopha," kuchaza umzanyana.
Ummeli wamalungelo abantu ezweni, uLadislaus Rwakafuzi, useveze ukuthi uzomela uTumuhirwe, enkantolo, kusho abezindaba zaseZambia iThe Post newspaper.
“Ngizomsiza, umhlaba wonke umphendukele. NgokoMthethosisekelo, umsulwa kuze kuba ulahlwa yicala," kusho uRwakafuzi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).