Lusaka - UMengameli waseZambia uMichael Sata, ekwake kwasabalala amahlebezi athi ugula kakhulu, ubonakale emphakathini ngoLwesihlanu, ngesikhathi kuvulwa iPhalamende ngokusemthethweni, watshela abantu bezwe lakhe ukuthi uphile saka.
USata, 77, bese kuphele izinyanga ezintathu engabonakali - kulokhu ufike ephelezelwa unkosikazi wakhe uChristine, abe esembonga wathi uyamvuselela.
"Ubengenza ngihlale ngiphapheme, angifile," ezikhulumela ngowakhe.
Funda lolu daba: Ungeniswe esibhedlela uKaunda
USata wathatha izintambo ngo-2011, ihhovisi lakhe belilokhu liphike njalo ukuthi uyagula.
Enkulumweni yakhe ubelokhu ededele amahlaya, wathi uhulumeni wakhe uzogxila ekukhuliseni imboni yezemvelo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).