Bulawayo - Owesilisa waseMakokoba, kwaBulawayo, eZimbabwe, usenkingeni ngemuva kokuchapha ngenhlamba umkhwekazi wakhe ngokumbiza ngomahosha.
Kuthiwa le ndoda ibiphinde isole umkhwekazi wayo ngokubikela amaphoyisa njalo uma ixabene nonkosikazi wayo, kubika iBulawayo24.
UMpilwenhle Hadebe, 30, uvele enkantolo kafushane, imantshi yase ikhipha isinqumo sokuthi agqunywe esitokisini kuze kube uvela enkantolo ngo-Agasti 7.
OLUNYE UDABA: Ubulewe owadlwengula umkhwekazi
Inkantolo itshelwe ukuthi ngoJulayi 7, uHadebe waya ekhweni lakhe wambuza ukuthi kungani Eye emaphoyiseni wayomceba.
Kwathi kusenjalo wambiza ngomqwayizi wathi umukhwe wakhe ulala nonkosikazi wakhe.
Kwabe sekuvulwa icala emaphoyiseni, zamkhalela kanjalo uHadebe.