Bulawayo - Umfundi wase-Eveline Girls High School, kwaBulawayo, ugqigqa enkantolo kulandela ukuthi abeletha ingane wayithukusa ku-wardrobe kwathi uma isitholakala kwavela ukuthi isidlulile emhlabeni.
Le ntombazane, 17, kuthiwa yazibelethisa yona kubo ngoJanuwari 31, ingane yaze yatholwa ngemuva kwamahora ngabantu abadala isishonile isesakeni.
OLUNYE UDABA: Uvelile obelethe wafihla ingane
Umndeni wale ntombazane wanquma ukunikela le ngane emaphoyiseni ngemuva kokuzithela phezu kwesidumbu sosana, kubika i-myzimbabwe.
Le ngane ivele eNkantolo yeMantshi yakwaBulawayo ngoLwesithathu ngecala lokufihla ukubeletha.
Ayicelwanga ukuba ivume noma iphike icala, kanti izobuyela enkantolo ngomhlaka-7 Meyi.