Umshushisi uKingston Mkanganwi utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa, 35, waqala ukulala nendodakazi yakhe, 15, ngesikhathi ethola ukuthi isiqomile, kubika imyzimbabwe.
Ummangalelwa kuthiwa wenza uphenyo wathola ukuthi le ngane iyalala nesoka layo.
Kusolakala ukuthi ngoJulayi ummangalelwa wabizela indodakazi kwakhe ethi ufuna ukuyikhalima kulandela ukuthola ukuthi isilala nesoka.
OLUNYE UDABA: Isimanga indodakazi icela ukulala noyise
Kuthiwa ubaba lo wafika waxebula le ngane ngenduku, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wabuya wase enxenxa ingane ukuba ilale naye khona engeke ayicebe kumama wayo.
Waphinde wanikeza le ngane imali ngemuva kokuyinukubeza.
Inkantolo izwe ukuthi kwaphinde kwadlula izinsuku, le ndoda yaphinde yalala nale ngane.
Iyawaphika amacala ebekwe wona, ikhala ngokuthi iboshelwe amanqina enyathi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho