Ngokukubika kwa-myZimbabwe lesi sigameko senzeke endaweni yaseNewton West kwaBulawayo.
Kuthiwa le ndoda ogama layo nguReon Mpofu itshele umkayo uJoyyce ngezikhathi zasebusuku ukuthi isafuna ukwenza umsebenzi kwi-computer makabe eyolala uzomfica embhedeni.
Umbiko uqhuba uthi kuthe eselele uJoyce, uMpofu waphuma waqonda endlini yowesifazane ongumakhelwane.
Umthombo uthi uJoyce uphaphamile maphakathi kwamabili.
“Ebona ukuthi umyena wakhe akakalali ubese eseqonda egunjini lokuphumula ukuyomqalaza. Kuthe uma engamboni waqala wasola,” kusho umthombo.
Uqhube wathi uJoyce uqonde egunjini likadadewabo nakhona wangamthola.
“Ngenxa yokuthi ubesola ukuthi kukhona okushaya amanzi ube esenikela endini kamakhelwane okuhlala owesifazane.
UJoyce ufike engasadle zinkobe zamuntu wapequlula indlu yonke,” kuchaza umthombo.
Nebala kuthiwa uMpofu ubhadanywe ezifihle ngaphakathi kuwadilophu.
Kuthiwa esikhundleni sokuzehlisa ngemuva kokubanjwa uMpofu uvulele ngesibhaxu kumkakhe nomlamwakhe.
UMpofu ugcine ngokuboshwa kanti uwavumile amacala okushaya abekwe wona.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho