Riyadh - Indoda yaseSaudi Arabia ishumpulwe ikhanda ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala indoda yohlanga lwesizwe sakubo.
Lesi sehlakalo singesinye sezehlakalo eziningi zokushumpulwa kwamakhanda abantu, nosekwenze izinhlangano zamalungelo abantu zama ngezinyawo.
UHadi bin Rashid al-Dosari,walahlwa yiala lokugwaza abulale umuntu ngemuva kwengxabano, kusho isitatimende sabezindaba ze-SPA.
Funda nalolu daba: Ushumpulwe ikhanda umshushumbisi
Isehlakalo senzeke edolobheni i-Al-Ihsa, isibalo sababulewe ngale ndlela senyukela ku-62, kulo nyaka uwodwa.
I-United Nations isiphinde yanxuswa ukuthi ibhekisise udaba lwesigwebo sentambo ezweni
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.