“Unkosikazi wami wangidonsa kabi kwathinteka izicubu “zomshini” wami nokungenzeka ukuthi ngingaphinde ngiluthokozele ucansi,” kusho uKanyauro etshela iNkantolo yeMantshi yakwaBulawayo, eZimbabwe.
“Kumanje ngiyelashwa kepha mancane kakhulu amathemba okuthi ngiyophinde ngibe wuqanduqandu embhedeni."
OLUNYE UDABA: Lunendawo yalo ucansi - Umbono
Uthi unezitishi eziyisithupha esithweni sakhe sangasese ngemuva kokuhlaselwa ngunkosikazi wakhe uBeauty Dube.
“Nguye owayengihlasela ngembazo, engakwenza ngakwenza ngoba ngizivikela,” kusho uDube.
“Wasivalela egumbini lokulala, esho ukungiqeda ngembazo, ngaphoqeleka ukuba ngidonse ubuntu bakhe ukuze angidedele ngihambe.”
Lezi zithandani nokho zithi zisathandana kakhulu yize zingaboni ngasolinye.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter