"Ngiphila saka. Ngiyoshona mhla u-Allah anquma ukuthatha impilo yami,” kusho uShekau kule video edonse imizuzu engu-36.
OLUNYE UDABA: Umfundisi uthi iBoko Haram isizobulala osopolitiki
Umbutho wezempi eNigeria wakhuluma ngesonto eledlule wathi uShekau udutshulwe wabulawa ngemuva kokuthi amasosha ayebambene phezulu nezihonga.
Le nhlangano yaphumela obala ngokuthumba izingane zesikole ezingaphezu kuka-200 ngo-Ephreli, ezingakatholakali kuze kube yimanje.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho