Bulawayo - Umisiwe uthisha ngezinsolo zokukhulelisa omunye wabafundi bakhe esikoleni.
UTwanda Zireva, 34, uzibandakanye ocansini nomfundi wesikole esizimele.
Ngokusho kwabeH-Metro, lolu daba selusematheni eChitungwiza kanti intombazane ayaziwa ukuthi ikuphi.
"UTawanda ushadile kodwa wakwazi ukuzibandakanya ocansini nomfundi ake wamfundisa esikoleni.
OLUNYE UDABA:Ofundela ubuthisha uboshwe ngzokuwotawota abafundi
"Ngesikhathi umama wentombazane ethola ngalolu daba walubika esikoleni.
"Ngemuva kophenyo olunzulu kwaqinisekiswa ukuthi uZireva nguye okhulelise lo mfundi," kusho umthombo wephephandaba.
Yize kunjalo uZireva uyaziphika izinsolo.
"Angikaze ngibe nobudlelwano nale ntombzane, besingabangani abasondelene futhi ngimazi kudala.
"Ubefuna usizo ngezifundo zakhe kanti njengoba nginguthisha onolwazi, weza kumina efuna ngimfundise. Empeleni ngesikhathi abazali bakhe beza kumina ngesikhathi bezwa ngalolu daba baze bathi bazobikela namaphoyisa, ngase ngivuma."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho