Share

Uyolashwa phesheya uMengameli waseZambia

Lusaka – UMengameli waseZambia uMichael Sata usaqhubeka nokugqigq odokotela kulandela ukuba ntekenteke kwesimo sempilo yakhe osekuholele ekutheni angabonakali emphakathini.

Ngokusho kokhulumela uMengameli uGeorge Chellah uthe uSata uhambe ngeSonto eZambia kodwa wangadalula ukuthi ukuthi uye kuliphi ilizwe.  

 “UMengameli waseZambia ngeSonto uyifulathele iZambia waya phesheya kwezilwandle.

Kulolu hambu uMengameli uphelezelwe ngumkakhe uChristine Kaseba namanye amalungu omndeni,” kusho isitatimende.  

OLUNYE UDABA: Sekuqubuke imibuzo ngesimo sempilo kaMengameli

UMengameli Sata wagcina ukubonakala emphakathi ngesikhathi ehambele ingqungqthela yamazwe ye-UN General Assembly ngenyanga eyedlule lapho ahluleka khona ukwethula inkulumo yakhe ngenxa yokuxineka. 

Kanti ngaphambi kwalokhu wahambela iPhalamende laseZambia ngomhlaka 19 kuSepthemba lapho aqinisekisa khona umphakathi ukuthi akafile njengoba kwase kusabalele amahlebezi athi useye kwagoqa nyawo.

NgoLwesihlanu kulindeleke ukuba iZambia igubhe iminyaka engu-50 yathola ukuzimela kanti akucaci mayelana nokuthi uzokwazi ukuba yingxenye yemibhiyozo ngalolu suku.



     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 472 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1032 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE