Nyeri – Izakhamuzi zaseRititi zisale zibambe ongezansi kulandela ukuthi umfana, 10, ezibulalile kulandela ingxabano abe nayo nomama wakhe kubangwa umsebenzi wesikole.
U-Andrew Kuria, obeyisikhonzi ebandleni eliKhatholika, ubefunda esikoleni samabanga aphansi.
Le mfana utholakale ezilengisile esihlahleni sikakwatapeya.
Umama wakhe uChristine Wambui ubone ngemuva kwehora ukuthi ingane yakhe ayiwuqedanga umsebenzi wesikole abebewuxabanele ngaphambilini, wathi uma eyimemeza yangaphendula.
OLUNYE UDABA: Uzibulele obesaba induku kanina
Ube esephumela emnyango wabona ingane yakhe ilenga esihlahleni.
Lo mfana uchazwe njengengane ebihlonipha futhi inekusasa eliqhakazile.
Uthishanhloko wesikole abefunda kuso, uVincent Mwangi, uthe lo mfana ubengakaze akhombise zimpawu zokuthi unokhwantalala.
Uqhube ngokuthi, lo mfana wake wathi uzozibulala kuqala unyaka kepha othisha bamkhuza.