isiZulu

Uzicelele ukuboshwa owaseZim

2012-07-31 14:30
Harare - Yize noma amajele aseZimbabwe egxekwa ngobunuku nangokugcwala kakhulu kodwa isigebengu sinxuse imantshi ukuba imuvalele kuze impilo yasoizokuba ngcono, kubike abezindaba zakuleliya lizwe ngoLwesibili.

ULovemore Manyika, 22, oyisigebengu esesenze amacala siphindelela uzicelele ukuba agqunywe ejele kulandela ukuvuma icala lakhe lokugqekeza umuzi.

"Iimpilo yasejele ingcono kunempilo yasemgwaqeni,” kubikwa ukuthi lawa ngamazwi kaManyika awabhale encwadini efundwe ngumshushisi, ngokusho kwephephandaba i-The Herald.

Inkantolo imgwebe iminyaka emithathu kuphela.

Amajele aseZimbabwe agxekwa yizishoshovu zamalungelo abantu njengendawo engakulungele ukuhlala abantu kanti iziboshwa zivama ukugula uma zingaphakathi ngenxa yezifo ezithathelanayo, kanti nokudla kuthiwa kuyashoda.



"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)