isiZulu

Uzogwetshwa maduze uLubanga

2012-06-29 16:35
Hague - Isishoshovu saseCongo uThomas Lubanga, uzogwetshwa maduzane mayelana namacala ahlanganisa ukuhlukumeza izingane ekade zenziwa amasosha, kusho iNkantolo i-International Criminal Court.

ULubanga, 51, uzogwetshwa mhlaka-10 Julayi, kuthiwa wasebenzisa izingane ezenza amasosha phakathi kuka- 2002 no2003.

Inkantolo ithole ukuthi uLubanga wabe esebenzisa izingane ezisukela eminyakeni engu-11 ubudala, ezabafana zabe zenziwa amasosha ukuthi ezamantombazane zibe yizigqila zocansi.

Umshushisi uLuis Moreno-Ocampo ucele inkantolo ukuthi inganiki umsolwa iminyaka engaphansi kwengu-30.

Kuthiwa abantu abangaphezu kuka-60 000, bashona odlameni uLubanga aba nesandla kulo kusukela ngonyaka ka-1999.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)