Khartoum – Owesifazane waseSudan osolwa ngokuphinga usegwetshwe esentambo ngokuthi akhandwe ngamatshe kanti ugcinwe ejele nengane yakhe enezinyanga eziyisithupha, kusho izishoshovu ngoLwesithathu, okuyisigwebo sesibili esifuze lesi ezinyangeni ezimbalwa kuleliya lizwe.
UMengameli uOmar al-Bashir ngenyanga edlule uthe bazokwenza izinto ngokuhambisana ngokugcwele nomMhethosisekelo wama-Islam.
Inkantolo yasenhlokodolobha iKhartoum igwebe uLaila Ibrahim Issa Jamool , 23, ngoJulayi 10 isigwebo sokuthi abulawe ngamatshe ngoba ephingile, kusho isishoshovu samalungelo abantu eSudan uFahima Hashim obelandela leli cala kanye namanye afana nawo.
I-Strategic Initiative for Women in the Horn of Africa (SIHA), okuyinhlangano yamalungelo abesifazane, ithe isithole abameli abazophikisana nesigwebo.
Umyeni kaJamool umsola ngokuphinga, kusho le nhlangano.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
AFP