Bouake – Uzovela enkantolo uyise wentombazane ophoqe indodakazi yakhe eneminyaka engu-11 ubudala ukuba ishade nowesilisa okhulile.
Ngokombiko ngoLwesine kube nomcimbi lapho bekugcagca khona le ntombazane emcimbini obuhanjelwe yimindeni nezihlobo.
Ngokusho kwemithombo yamaphoyisa amaphoyisa abophe uyise wale ntombazane kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesthathu.
Amaphoyisa aveze ukuthi owesilisa obeshada nale ntombazane ngeke abhekane nengalo yomthetho.
OLUNYE UDABA: Intombazane,14, ecaleni lokudlisa obezoba ngumyeni
Kubikwa ukuthi uyise wale ntombazane oneminyaka engu-37 ubudala ugcinwe esitokoisini samaphoyisa edolobheni iBouake e-Ivory Coast.
Ngokombiko kuthiwa ukushadiswa kwezingane ezincane e-Ivory Coast yinto eyinsakavukela umchilo wesidwaba njengoba u-12% weshado kuleli lizwe ngeyamantombazane angaphansi kweminyaka engu-15 ubudala bese kuthi u-36% kube ngamantombazane angaphansi kwengu-18 ubudala.
Kubikwa ukuthi iningi labazali liphoqa amadodakazi ukuba ashade ukugwema ukuthi izingane zabo zikhulelwe zingashadile kanti iningi lazo lishada vele sesihleli isisu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho