isiZulu

Zibamise kambi izimvula eNorth Korea

2012-08-01 16:49
Seoul - Izikhulu eNorth Korea zithi balokhu beqhubekile nokufa abantu njengoba kubhilite izimvula esezidonse isikhathi esiyiviki zadlula nemiphefumulo okungenani engu-30.

isimemezelo esenmziwe ngoLwesithathu sithe abantu abangu-88 sebeshoni kwathi abangaphezu kuka-60 000 basala bengenamakhaya.

Inhlangano -Red Cross ikhona kule ndawo ukuzokwelekelela labo abadinga uziso.

I-United Nation yabika ukuthi abantu abangu-24 million babhekene nendlala ezweni iNorth Korea.


 

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)