Kukhululwe izingane ekade zithunjiwe, ezinye ezingu-8 ezikazeki ukuthi zikuphi, kusho isikhulu samaphoyisa uMajor General Chris Olukolade.
UNdunankulu wasesifundeni iBorno, la kwenzeke khona lesi sehlakalo, uKashim Shettima, utshele abezindaba wathi kwathunjwa izingane ezingu-129 eziseminyakeni yobudala ephakathi kuka-16 no-18.
Imibiko yabazibonela yathi oshayasibhamu bagasela esikoleni samantombazane, esingaphansi kukahulumeni, baqala ngokudubula amasosha namaphoyisa abegade isikole.
Lesi sehlakalo senzeka ngemuva kokuqhumisa ngamabhomu okwadlula nemiphefumulo yabantu kwalimala abanye abaningi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.