Gweru - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela usomabhizinisi waseGweru uWebster “Dzatu”Chiteta obhekene necala lokubulala unkosikazi ngemuva kwezinyanga ezingu-11 efunwa.
UChiteta, 36, odume kakhulu ngelikaDzatu emgwaqeni yaseMidlands wayelindeleke ukuba avele enkantolo yaseGweru ngonyaka ophelile ku-Spethemba ngezinsolo zokubulala unkosikazi wakhe uWinnie Tracy Phiri kodwa walibalekela icala.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele obulale unkosikazi ngokuvakasha engacelile
Lo somabhizinisi ubelokhu efunwa selokhu kanti utholakalae ecashe eMsvingo ngamaphoyisa ngemuva kokuba encinzwe indlebe.
AbeChronicle babike ukuthi uChiteta ugcinwe esitokisini esiteshini samaphoyisa aseGweru, kubika iBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho