Harare - UMengameli uRobert Mugabe uthi ngeke akhethwe nguyena ozongena ezicathulweni zakhe, waphinde wazwakalisa ukuthi ozothatha isikhundla kungenzeka kungabi noyedwa phakathi kwamasekela akhe amabili.
"Iqembu yilona elizokhetha. Akumina. Angiqali ukusho ukuthi ngeke ngimkhethe ozongena ezicathulweni zami.”
Ngeke! kusho uMugabe ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lweZBC ngoLwesihlanu ngaphambi komcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.