Rabat – Abalisa abathathu base Morocco abasolwa ngokuba yizitabane bagwetshwe iminyaka emithathu bebhadla ejele, kusho inhlangano yamalungelo abantu ngoMsombuluko.
Ubudlelwane bezitabane kanye nokwenza ucansi ngaphandle komshado akuvumelekile emazweni aseNyakatho Afrika asadla ngoludala.
UHassan Ammari weMoroccan Association of Human Rights (AMDH) utshele abe-AFP ukuthi isigwebo sehliswe ngoLwesihlanu yinkantolo yasedolobheni laseTaourirt, eqinisekisa imibiko yabezindaba.
Funda nalolu daba: Owesilisa ulume ishende elifica liqhoqhobele umkakhe
Abalisa ababili, umakhenikha kanye nebhungu, babanjwa oqotsheni lapho besebenzela khona, bebanjwamaphoyisa ngemuva kokuncinzwa indlebe, kusho u-Ammari.
Baboshwa bavalelwa nokuyilapho behlangane khona nomunye umngani wabo, owayeboshiwe naye, kanti balivuma icala labo.
Iziphathimandla zaseMorocco azifunanga ukuphawula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.