Lagos – UMengameli wezwe eNigeria uGoodluck Jonathan kubikwa ukuthi usethembise ngokuthi uzowabuyisa ephila amantombazane athunjwa yiBoko Haram ngo-Ephreli, wathi uhulumeni wakhe uzokwenza konke okusemandleni ukuwakhulula.
UJonathan ubenomhlangano okokuqala nezihlobo zamantombazane kusukela athunjwa ezinyangeni ezintathu ezedlule.
Ngokusho kwabezindaba ze-BBC uJonathan uthe uhulumeni wakhe awufuni nje kuphela ukubuyisa amantombazane ephila kodwa ufuna nokuqeda ngeBoko Haram eNigeria.
Uthe uhulumeni wakhe ukhathazekile ngokuphepha kwamantiombazane futhi ufuna abuyiswe ephilile.
Uhlangane nezihlobo zamantombzane ngemuva kwemibiko ethe iningi labazali bamantombazane athunjwa sebashona bebulawa ukukhathazeka ngokweqile.
Kusukela kwathunjwa izingane zamantombazane ezinyangeni ezintathu ezedlule, bangu-11 abazali bazo abangasekho emhlabeni, kusho umbiko ngeledlule.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).