Monrovia – Umfana, 15, useshonile kulandela ukungenwa ubhubhane i-Ebola e-Liberia, nokuyisigameko sokuqala sokushona komuntu kusukela kwamenyezelwa ngoSepthemba ukuthi leli gciwane alisekho.
UNathan Gbotoe kutholakale ukuthi une-Ebola ngesonto eledlule wase eshona ngoMsombuluko ebusuku esibhedlela esisePaynesville.
Kuthiwa ubaba wakhe nomfowabo balashelwa lo bhedukane.
OLUNYE UDABA: Isiphinde yabheduka futhi i-Ebola - Umbiko
ILiberia isiqaphe ngeso lokhozi abantu abangu-153 okusolakala ukuthi basondelane noGbotoe.
Izikhulu zezempilo eLiberia zizama ukuthola umsuka waleli gciwane, kulandela ukuthi i-World Health Organization (WHO) isimemezele kabili ukuthi intshonalanga ye-Afrika ayisekho engozini ye-Ebola.
Bangaphezulu kuka-11 300 abantu abashona ngesikhathi kubheduka lesi sifo ngoMashi 2014.