Share

Kuboshwe abantu ababili bakuleli eTanzania 'ngawobutabane'

Nairobi - Abantu baseNingizimu Afrika ababili bayingxenye yamadoda angu-12 aboshwe eTanzania ngoba esolwa ngobutabane njengoba kunomkhankaso okhona wokuqeda nya ngabaphila le mpilo, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

"Sibophe izephulamthetho ehhotela elisePeacock - lapho bezigqugquzela khona ubutabane. Ababili kubona ngabaseNingizimu Afrika, omunye owase-Uganda laba abanye abangu-9 ngabaseTanzania," kusho okhulumela amaphoyisa aseDar es Salaam uLazaro Mambosasa esithangamini sabezindaba.

Uthe laba basahlonywa imibuzo ngaphambi kokuba bavele enkantolo.

"ETanzania kuyichilo ukuthi abantu bobulili obufanayo bazibandakanye ezenzweni zocansi, lokho kuphambana nemithetho yezwe," kusho uMambosasa. Unanele ngokuthi imenenja yehhotela ingomunye wababoshiwe "ngokuhlinzeka ngendawo" laba abanye.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abangu-20 abasolwa ngobutabane

UMambosasa unxuse izakhamuzi ukuba zithinte iziphathimandla uma kukhona ezikuzwayo mayelana nobutabane "khona bezosukumela phezulu".

Amaphoyisa abopha abantu abangu-20 - abesilisa abangu-8 nabesifazane abangu-12 - esigamekweni esifazanayo eZanzibar ngenyanga eyedlule.

Uhulumeni waseDar es Salaam uphinde wafunga ngokuphindisela emakhaya bonke abankakhasela amalungelo ezitabane.

Abatholakala bezibandakanya ocansini oluphakathi kwamadoda amabili bangase babhadle ejele iminyaka engu-30 kuya kudilikajele uma belahlwa yicala, nokho asikho isigwebo esibhekiswe ezitabaneni zesifazane.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 862 votes
No! It's time to move on ...
33% - 423 votes
Vote
Rand - Dollar
18.87
+0.8%
Rand - Pound
23.61
+0.8%
Rand - Euro
20.22
+0.9%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.5%
Platinum
923.20
-0.3%
Palladium
969.50
-2.1%
Gold
2,344.93
+0.5%
Silver
27.57
+0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,189
+1.1%
All Share
75,121
+1.1%
Resource 10
62,902
+1.3%
Industrial 25
103,489
+0.9%
Financial 15
15,994
+1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE