Lagos – Udokotela oqavile, uProf. Adebukola Oshitelu, angase aboshwe ngezinsolo zokuqamba amanga ngokuthi ukudla okukhiqizwe kuleliya lizwe kungayilapha i-Ebola.
INational Agency for Food and Drugs Administration and Control
(NAFDAC) ufuna aboshwe ngemuva kwemibiko ethi ukudla okuthiwa yi-ewedu
ngungayilapha i-Ebola.
Funda olunye udaba: Weluleme umfundi obene-Ebola.
U-Oshitelu, osebenza esibhedlela soMbuso, iLagos State Teaching Hospital, kuthiwa ukhulume kanjena ngesikhathi ethula isifundo se-African Traditional Medicine eLagos ngeledlule.
Kuthiwa utshele abantu ukuthi i-ewedu iyayelapha i-Ebola ngokuthi
iqinise amasosha omzimba kumuntu iphinde ivikele umuntu elingakamngeni leli
gciwane, kibika abezindaba ze-CAJ.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.