Ahmedabad - Ibhasi ebeligcwele ngokweqile likhalakathele emfuleni lisuka ebhulohweni entshonalanga neNdiya, kwashona okungenani abantu abangu-37 ngoLwesihlanu.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula ibhasi lase liphaphalaza liphuma emgwaqeni.
"Isibalo sabashonile simi ku-37, abanye abangu-24 bangeniswe esibhedlela," kusho okhulumela isibhedlela uRemya Mohan.
OLUNYE UDABA: Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu
INdiya Ingelinye lamazwe anezingozi ezinyantisa igazi emhlabeni njengoba kushona abantu abangaphezulu kuka-230 000 ngonyaka, ngokwezibalo zeWorld Health Organisation.
Izingozi eziningi zidalwa imigwaqo nezimoto okungekho ezingeni kanye nokushayela budedengu.