Harare – Abesifazane bacishe bagxobana ngezinyawo bezama ukuthola amakhondomu “angcwele” athandazelwe nguMfundisi uPaul Sanyangore.
Ngokusho kwe-myzimbabwe.co.zw, lo mfundisi waseZimbabwe uthe omunye wabazalwane nguye ofike nala makhondomu ezombuza ukuthi ngabe kulungile yini ukuthi awasebenzise.
"Ngibe sengiphrofetha ukuthi umyeni walo wesifazane owaduka nezwe eminyakeni emibili eyedlule, uzobuyela ekhaya. Kuthe kusenjalo nangempela washaya ucingo umyeni wakhe wathi uyabuya.
“Ube esefika nala makhondomu wabuza ukuthi ngabe alungile yini ukuthi angawasebenzisa nomyeni wakhe njengoba esebuya nje,” esho.
OLUNYE UDABA: "Angenza ngibe notwayi amakhondomu"
"Angibonanga lutho olubi lapho ngoba umyeni wakhe kade anyamalala ngakho kumele bayisebenzise ikhondomu. Ngithe uma sengiwakhulekele la makhondomu kwaba ububhudubhudu abesifazane bewafuna,” kuqhuba uSanyangore.
"UNkulunkulu uyasindisa futhi uyavukelana, kepha abantu kumele bavule amehlo ngoba i-HIV yinto ekhona. Abangashadile abangalali nhlobo – amakhondomu awalona ithikithi lokuhambe ubhabhalala.”