Maputo – Odokotela bahlola ingane ezalwe inemilenze emine entshonalanga yezwe laseMozambique ngenhloso yokubona ukuthi bangakwazi yini ukuyihlinza, ngokusho kombiko.
Ingane, obungadalulwanga ubulili bayo, izalelwe esifundazweni saseManica, ngokombiko weMagazine Independente.
Funda nalolu daba: Kuyalelwe amaphoyisa ukuba ahlukane noWhatsapp
"Umama wayo ubelethe ngendlela ejwayelekile kanti bekungasolakali lutho ngesikhathi esakhulelwe.”
Leli phephabuku libika ukuthi kule nyanga kuzalwe ingane enemilenze emithathu kusona lesi sifundazwe futhi.
Imibiko ithi leyo ngane yashona.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.