Harare – Owesifazane waseHarare, eZimbabwe, uLucia Chikombe, uthi wayesekhathele umngani wakhe uPretty Mpofu, wase eyamshaya ngoba efensa umyeni wakhe.
"Sengimshaye izikhawu ezimbalwa ngoba ngizama ukumxwayisa ukuthi akayeke ukuzifunela endodeni yami,” kusho uChikombe enkantolo.
"UPretty ubengumngani wami omkhulu, kepha wangiphoxa. Uhalela impilo engiyiphilayo nomyeni wami nazo zonke izinto ezinhle angiphathela zona uma ephuma eNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: Bathole ibheyili abashisa omunye kubangwa indoda
"Ngifuna ukuthola incwadi yesivimbezelo yokuthi angasondeli kumyeni wami.”
UMpofu usebenzisa ubuhle bakhe ukuheha amadoda abantu, kuqhuba uChikombe, kubika iBulawayo24.
Nokho ummangali uyaphika ukuthi wake wafensa indoda kamnmgani wakhe.
Inkantolo iyalele uChikombe ukuba angasondeli eduzane kukaMpofu.