Bulawayo - Abashushisi babeke owesifazane, 19, osebenza emakhishini icala lokudlwengula indodana, 14, kabasi wakhe.
Udadewabo kalo mfana kuthiwa nguye obambe lo wesifazane oqotsheni eqhoqhobele ingane egumbini labazali lokulala, kubika iBulawayo24.
ULindiwe Kahila akazange abuzwe ukuba uyalivuma noma uyaliphika icala ngesikhathi evele enkantolo.
OLUNYE UDABA: Igwetshiwe indoda 'ehalayo' ngelokudlwengula udadewabo
UKahila uzogqunywa esitokisini kuze kube ubuyela enkantolo ngomhlaka-15 Febhuwari.
Umshushisi uTakunda Ndovorwi uthe lesi sigameko kusolakala ukuthi senzeka ngomhlaka-13 Januwari.
"Ummangalelwa wabizela lo mfana ekamelweni wathi akazolala naye embhedeni, wase emphoqa ukuba enze ucansi naye.
"Wathatha ubuntu bomfana wabufaka esithweni sakhe sangasese."