Bulawayo - Kusolwa ukuthi owesifazane waseHarare eMilton Park ubulawe ngumyeni wakhe kubangwa ubhiya ekuseni ngovivi ngoMsombuluko.
UMercy Black ubephuza eshibhini elikuDan Judson Road nomyeni wakhe ohlonzwe ngelikaBlack, nokuthiwa ube esemsola ngokuqwayiza ngemuva kokuthatha ubhiya.
Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo besendleleni ebheke ekhaya, kubikwa ukuthi uBlack ushaye unkosikazi ngesikhali esicijile ekhanda wopha kakhulu ngaphambi kokushonela emgwaqeni.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele oshaye unina wamxosha efuna ukufaka isiqashi endlini
"UBlack usole unkosikazi wakhe ngokuqwayiza ngemuva kokuba bobabili sebecwile ezinkambini zikaFaro.
"Endleleni babehambe bexabana kwaze kwaphuma isidumbu," kusho umthombo.
Lo wesifazane utholwe abantu ababedlula ngendlela, edindilize phansi.
Babe sebeshayela amaphoyisa ucingo kwathi ngemuva kwesikhashana uBlack wakhalelwa amasongo kaSigonyela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter