Bulawayo – Umqwayizi 'oshadile' waseZimbabwe ushiye inkantolo imangele ngesikhathi elandisa ngokuthi kwakwenzenjani ngesikhathi umyeni wakhe ephenduka isilwane.
Lo mqwayizi uthe ngoDisemba wafika nekhasimende lakhe elineminyaka engu-60 ubudala emzini wabo.
Ngokwephephandaba iChronicle, u-Abigail Banda watshela inkantolo ukuthi yena nomyeni wakhe, uQondani Moyo, 24, baphila ngemali yakhe ayisebenza emgaqweni.
OLUNYE UDABA: Buka: Owesifazane oshadile etalabha umqwayizi obezitika ngocansi nomyeni wakhe
Wathi ngomhlaka-17 Disemba 2016, umyeni wakhe owayedinwe egane unwabu wavele waphuma emzini wabo, wayohlasela ikhasimende lakhe ayezozitika ngocansi nalo.
"Kudala siphila ngemali engiyisebenzayo. Kungenzeka ukuthi wavukwa yisikhwele ngoba ngafika nekhasimende ekhaya. Ngokujwayelekile ngike ngithole ezinye izindawo engizosebenzela kuzo kodwa ngaloluya suku kangiyitholanga," kusho uBanda.
UBanda uthe uMoyo washaya ikhasimende lakhe, uShedreck Sithole, ngesitini ekhanda ephindelela.
UMoyo ezivikela utshele inkantolo ukuthi wahluleka ukuzibamba ngesenzo senkosikazi yakhe sokungamhloniphi, ngesikhathi ebabona bezitika ngocansi emotweni phambi kwamagceke akwakhe.
UMoyo unxuse inkantolo ukuba ingamtholi enecala lokuzama ukubulala wathi weyenziwa ukuthukuthela.
Lolu daba luza ngemuva kwesigameko sowesifazane, 48, waseZimbabwe owazama ukuzibulala ngemuva kokuzwa ukuthi indodana yakhe ifuna ukushadelwa wumqwayizi.
Amaphoyisa athi uNomathemba Moyo waphuza umuthi wokubulala amagundane kulandela ingxabano nendodana yakhe endala.
UJonathan Ngwenya, 22, kuthiwa wayefuna ukushadelwa nguCaroline Munetsi okubikwa ukuthi ungumqwayizi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter